Ulwezi 2013 iMiThi engekhO eMTheThweni ingaBulala · 2015. 5. 19. · Ama-ARV’s UDhlomo ubuye...
Transcript of Ulwezi 2013 iMiThi engekhO eMTheThweni ingaBulala · 2015. 5. 19. · Ama-ARV’s UDhlomo ubuye...
mahhala
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope UkUqwashisa
ngesifo
sikashUkela
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
ImIthI engekho emthethwenI IngabulalaUngayeki ukudla imithi yakho ngaphandle uma kusho umsebenzi wezempilo
Bika aBelaphi aBangagunyaziwe
Awusayidingi imithi
yodokotela.
Iphela nya i-AIDS,
umdlavuza kanye ne-TB
SMS 048 436 4560
Ulwezi • 2013
Kwelashwa NgomliNgo!
Kuyaye kube buhlungu
ukuzwa izindaba ezigxeka
izikhungo zezempilo naphezu
kwabasebenzi abasebenza
ngokukhulu ukuzikhandla. Baqinisile uma
bethi izinto ezinhle azidumi kepha kuduma
lezo ezimbi. Ngifisa ukugqugquzela
bonke abasebenzi bomnyango ukuba
bazibambe ziqine nakuba ziningi izinselelo
ababhekene nazo.
Ziningi iZinto ezinhle esizithuthukisile
njengomnyango okubandakanya
ukwehla kwezinga lokufa komama
nezinsana, ukuqalisa ama-ARVs komama
abakhulelwe abane-HIV, ukuthuthukiswa
kwengqalasizinda yezempilo, kanye
nokwenyusa izinga lemingenelelo yethu
emphakathini nasezikoleni. Konke lokhu
kungenxa yokuzikhandla kwabasebenzi
bengamemezeli ngalokho abakwenzayo.
Yingakho-ke uMnyango ukhethe ukuba
wethule Imiklomelo Yokusebenza
Ngokuzikhandla ukuze kuklonyeliswe
labo abasebenza ngokuzikhandla.
Nakuba sifisa ukwazi lapho esingenzanga
kahle khona kepha siyafisa nokuncoma
labo basebenzi abenze kahle.
ngifisa nokunxusa labo abadla
imithi yezifo eziyisimbelambela
ukuba bangayeki ukuyidla ngoba
bekhohliswa ababatshela ukuthi izifo
zabo zingelapheka. Lenyuke kakhulu
izinga labantu abathi belapha zonke izifo.
Qaphelani. ekugcineni ngifisa ukushayela
ihlombe labo besifazane ababa
nesibindi sokuphuma ebudlelwaneni
obunokuhlukumeza. Njengoba
siqwashisa ngokuhlukunyezwa
kwabesifazane ngalezi zinsuku eziyi-16
sifisa ukubhekisisa ukuthi kungani
izinga lokuhlukunyezwa kwabesifazane
linyuka kangaka. Ngifisa ukubona
abesilisa bevikela isithunzi sabo. Bonke
abesilisa kumele bakusho kugcwale
ukuthi umuntu wesilisa woqobo yilowo
ongamhlukumezi umuntu wesifazane.
Akuwona umkhankaso wabesifazane
bodwa lona kepha owomphakathi
wonkana, ngakho-ke abesilisa abangabi
namahloni okumemezela ukuba kuphele
ukuhlukunyezwa kwabesifazane.
Phumela obala. Phuma ebudlelwaneni
obukuhlukumezayo.
UNkulunkulu Anibusise.
Bhukha emtholampil kusenesikhathi
musa! ukungahloniphi izikhathi zomtholampilo noma ushintshe imitholampilo – lokhu kudala
izinkinga ezinkulu.
Kungani kumele usheshe ubike emtholampilo uma usukhulelwe
Ukubhukha kusenesikhathi kwenza abasebenzi bezempilo bakwazi ukusheshe balawule futhi belaphe izimo ezingabeka impilo yakho neyengane yakho ebungozini.
Uma une-HIV usengakwazi ukuthola ingane ephilile engenayo i-HIV. Yingakho kubalulekile ukuba ubhukhe kusenesikhathi bese udla nemithi oyinikwa abezempilo.
Umtholampilo uyokunika uhlelo lokudla oluyosiza ekukhuliseni ingane yakho isesesibelethweni.
Umsebenzi wezempilo uyochaza izimpawu eziyingozi ekukhulelweni ukuze wazi ukuthi yini okumele uyiqaphele uma ukhulelwe.
Nibhekwa nobabili nengane yakho ize izalwe ukuze kugwenywe izinkinga ezingavela kamuva.
ama-85% abesifazane abakhulelwe
adla ama-aRVs
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Umyalezo ovela kuHOD Wezempilo e-KZN,
uDkt sibongile Zungu
UMA UKHULELWA FUTHI UFUNA NENGANE EPHILILE….
okuqukethweul
wez
i 201
3
Umalalevevaisifo
sikashUkelaUkUhlUkUnyezwa kwabesifazane
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO
LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
DERICK MATSENGARWODZI
THEMBA MNGOMEZULU
SARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
uzuku lomhlaba kikelele lwesifo sikashukelaminyaka yonke isifo sikashukela sibulala abantu abaningi ngaphezu kwe-aIDs ihlangene nomdlavuza webele nakuba singagwemeka.
KuNGaNI abantu abahola kancane nabasendimeni
kuyibona ababulawa kakhulu yisifo sikashukela?
UNozipho ungomunye wabasinde esifweni sikashukela. Njengamanje uneminyaka engama-50 kanti satholakala eminyakeni eyi-10 eyedlule. Akasitholanga ngoba ayedla uswidi nokudla okunoshukela omningi kepha wayedla ukudla okungalungile futhi enganakekeli impilo yakhe. Wayesebenza edolobheni, engenaso isikhathi sokupheka ukudla okufanele ngakho umndeni wakhe wawudla izibiliboco. Ekugcineni wangenwa yisifo sikashukela. Odokotela bamtshela ukuthi isimo singaba sibi kakhulu aze anqunywe nomlenze noma afe uma enganakekeli impilo yakhe. “Ngavuka emaqandeni, ngathi ngeke ngibulawe yisifo sikashukela. Kwakumele ngiphilele izingane zami ngakho ngashintsha impilo yami. Ngiphekela umndeni wami ngabe sengifundisa nezingane zami ngobungozi bezibiliboco nokuthi kungani kumele sehlise kuzona. Sihamba ihora elilodwa kanye ngeviki. Ngifisa sengathi ngabe ngasheshe ngakwenza lokhu ngingakaguli. Izingane zami sezifundile nazo,” echaza.
KuNGaNI KumELE NGIZINaKEKELE?Isifo sikashukela singahlasela noma ubani, noma nini noma ngabe umdala noma umncane, umpofu noma ucebile. Sibangwa ukudla ukudla okungaphezu kwalokho okudingwa yimizimba yethu – ikakhulu lokho kudla okungalungile okwenyusa izinga likashukela emzimbeni. Kule mpilo esiyiphila namuhla kulula ukudla izibiliboco ezigulisayo. Kuhle ukwenza okuhle kusemanje ungaze uphoqwe yisimo. Lesi sifo singagwemeka, kepha konke kukuwe.
OKumELE uKWaZI Aselapheki kepha
ungasigwema Abanesifo sikashukela
basengozini yesifo senhliziyo, isifo sohlangothi kanye nezinkinga zokungaboni okwenza kubaluleke ukuba uye njalo emtholampilo oseduzane uyohlolwa.
I-Type 2 diabetes iyilona hlobo olujwayelekile – bathi ababe ngama-85-90% abano-type 2 wesifo sikashukela. Abaningi abaneminyaka engaphezu kwama-40, ikakhulu labo abakhuluphele ngokweqile nabangazivocavoci.
IZImpaWu ZEsIfO sIKasHuKELa
Ukoma okungajwayelekile Ukuya njalo endlini
yangasese Ukwehla kwesisindo
okungajwayelekile Ukukhathala ngokweqile
kanye nokuphelelwa amandla
Ukubona luvivi Ukugula okubuya
kuphindelela Ukusikeka okungasheshi
kuphole, amathumba nesikhumba esilumayo
Inkwantshu nobundikindiki bezandla nezinyawo.
Ngaphandle kwalezi zimpawu, abano-type 2 bangebe nazo ezinye izimpawu!
ungasigwema Kanjani Isifo sikashukela?Kulula. Yidla ukudla okunempilo, ulawule isisindo sakho, zivocavoce njalo, yehlisa ingcindezi bese uyeka utshwala nogwayi. Lezi ngezinye zezindlela ongagwema ngazo isifo sikashukela.
KuNGaNI abantu besabulawa
yisifo sikashukela minyaka yonke sibe
singagwemeka?
Ungalindi kuze kube semuva kwendaba
ULwezi 14
UYAZIKHETHELA IMPILO ENHLE.
imithi engekho emthethweni
Singasiza
iSiFO SikaShukela Kungani kumele uzinakekele
iMiThi engekhO eMTheThweni Ungabeki impilo yakho engcupheni
iziFO eziThelelanayO Okumele ukwazi
uMalaleveva Imiyalelo yokuwuvikela
izindaBa zezeMpilO e-kzn Kuklonyeliswa Abavelele: Unakho okudingekayo?
uSuku lOMhlaBa Jikelele lOkunga-hlukuMezi aBeSiFazane Phumela obala
cOMic Stop violence against women and children
izinSuku zOkuqwaShiSa
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
aBelaphi BendaBukO aBaBhaliSiwe
BayaBagXeka laBO aBangOMBOMBayi
uNGaGEmBuLI NGEmpILO YaKHO. sIsIZE sIQEDE uLWaZI OLuNGamaNGa uKuZE KupHEpHE ININGI. uNGaYITHENGI ImITHI ENGEKHO EmTHETHWENI
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Ungagembuli ngempilo
yakhoimithi engekho emthethweni ingabulala
Gxila emithini oyinikwe umsebenzi
wezempilo
uKuNGENELELa KOmNYaNGO WEZEmpILOUMnyango WezeMpilo uhlangene ne-Provincial Council on AIDS uzokwethula umkhankaso wokuqeda ukudayiswa kwemithi engabhalisiwe okuthiwa ingelapha izifo. U-MEC WezeMpilo e-KZN uDkt Dhlomo ucela zonke iziguli ukuba zingabakholwa labo bantu. “Wonke umuntu othi uyaziqeda izifo sifuna aphumele obala eze emnyangweni nemiphumela. Uma konke kuyiqiniso kumele ngabe imithi yabo ibhalisiwe hhayi ukudayisa ngokungekho emthethweni. Iziguli mazingayisebenzisi imithi yabo,” kusho uDhlomo.
OKusHIWO umTHETHOUMkhandlu Olawula Imithi ubhekelela ukuvunywa kokusetshenziswa kwemithi eNingizimu Afrika ngoMthetho weMithi. Yonke imithi kumele idlule ohlelweni lokubhaliswa bese inikezwa isitifiketi ngaphambi kokuba isetshenziswe. Bonke ombombayi abanazo izitifiketi (uma zikhona, bheka eMnyangweni WezeMpilo ukuthi ngabe ezangempela yini). Ngeshwa amaphephandaba amaningi awakubheki lokho, avele akhangise nje. UMnyango usohlelweni lokuhlanganisa bonke abathintekayo okubandakanya abezokwazisa ukuba bazi nabo ukuthi uma bevumela izikhangiso ezingalungile, bephula umthetho ngokuvumela ukukhangiswa kwemithi engekho emthethweni. Ekugcineni, konke kudinga wena ukuba ubambe iqhaza.
Ngesikhathi kukhulunywa nabelaphi bendabuko abasemthethweni
baveze ukuthi bayabacasula laba abangombombayi. “Basakhela
igama elibi, kumele bavalwe. Baqamba amanga bethi belapha izifo
ezingelapheki ezinjenge-AIDS . Kumele abantu sibatshele iqiniso
uma beze kithi. Singadambisa izinhlungu bese sibeluleka kepha
masingabaniki ithemba elingekho. Bonke abelaphi abasemthethweni
basohlwini loMnyango WezeMpilo esiFundazweni ngakho ngeke
sivumele ombombayi ukuba bone ubudlelwano esinabo noMnyango
WezeMpilo,” kubeka abelaphi abehlukene.
Omunye wesilisa osemusha ozibiza ngodokotela unesikhungo esikuRetief eMgungundlovu lapho athi welapha khona umdlavuza kanye nezinye izifo. Kwafanela ukuba sithumele i-sms ukuze akwazi ukusibona ehhovisi lakhe eliluvivi. Uneminyaka ethi ayibe ngama-25 kanti uthi uselaphe inqwaba yabantu abanomdlavuza. Liyagcwala ihhovisi lakhe kanti akafuni nokuxoxa isikhathi eside nabantu. Sazenza abantu abazofuna umuthi wokwelapha umdlavuza. Wabe esethi: “Ngizoninika umuthi ophuzwa kathathu ngosuku obiza ama-R300. Lo muthi unamandla okuqeda umdlavuza ngenyanga eyodwa. Akekho owayekufakazela lokho.
Omunye umelaphi osemgwaqeni uQueen uthi welashwa umdlavuza wesibeletho. “Ngelashwa yiwo lo muthi emva kokuyeka yonke imithi engangiyidla.” Lo muthi akhuluma ngawo, unsunjwana kanti ufakwe ebhodleleni likaplastiki. Ilebula ithi welapha zonke izifo eziyisimbelambela ngokushesha. Awunamiyalelo yokuwuphuza, igama nemininingwane yomkhiqizi noma uhlu lwezithako – ulwazi oludingwa uMthetho Wokulawulwa Kwemithi. Ngaphandle kwaleyo mininingwane lowo muthi AWUKHO EMTHETHWENI.
Omunye umelaphi wathi welapha i-AIDS ngamanzi angcwele aphuzwa nsuku zonke. Esebuzwa ukuthi ngabe lawo manzi abhalisiwe yini eMnyangweni WezeMpilo wavele wabeka ucingo phansi wathi angaphinde athintwe
BaSeBenza kanJani aBelaphi aBangOMBOMBayiUkuze abe-Ezempilo Health Matters bathole ukuthi basebenza kanjani laba belaphi abangombombayi, bavakashele abanye babo abakhangisa emaphepheni nasemigwaqeni ukuthi belapha i-HIV, umdlavuza, i-AIDS, nokunye. Nakhu okutholakele:
usihle uneminyaka engama-32 kepha ubukeka sengathi unengama-50. Njengoba elele embhedeni umzimba wakhe untekenteke wehluleka nokukhuluma. Uyeke imithi ye-TB emva kokuthenga imithi kumuntu othi uyayelapha i-TB. Wenza iphutha elikhulu eselibeke impilo yakhe engozini. Nalu udaba lwakhe…
“Ngondla umndeni kanti bese ngikhathele ukuya njalo emtholampilo ngiyela i-TB. Ngabona isikhangiso so-muntu owayethi uyelapha iphele i-TB ngabe sengiya khona. Wangitshela uku-thi sebebaningi asebelaphile ngakho-ke nami ngizosinda. Ngakhokha ama-R400 wabe esethi angiyeke ukusebenzisa imithi ye-TB. Ngaqale ngazizwa senging-cono kepha emva kwesikhathi ngaqala ngagula kakhulu. Sengine-HIV futhi ngifisa ngabe angiyiyekanga imithi ye-TB. Nasemtholampilo bangazisile uku-thi igciwane alisalawuleki futhi akukho abasengakwenza. Angazi ukuthi sengis-alelwe yisikhathi esingakanani ngiphila kepha ngifisa ukuqwashisa abanye ukuba bangenzi iphutha engilenzile.” Kusho uSihle eseqala nokukhala.
Ukudlala ngabasenkingeniUkuba nesifo esingelapheki kukhubaza ukusebenza bese kwenza umuntu afise noma yini engamsiza. KODWA ukuyeka imithi yakho ngoba ukholelwa ukuthi kukhona umuntu ongakwelapha ngaphandle kobufakazi, kungabeka impilo yakho engozini. Abelaphi abangombombayi badlala ngabantu abagulayoMabanGasebenzisi iMpilo yaKho uKuze bacebe nGoKushesha
Nakuba izwe lethu lingahaqiwe umalaleveva kepha awuphelile nya. Yingakho kubalulekile ukwazi ukuthi ungawugwema kanjani ikakhulukazi ngalesi sikhathi lapho omiyane abanaleli gciwane behlasela ngamandla.
Isikhathi esishisayo nesinezimvula sesifikile kwazi ukugwema umalaleveva
Usuku lwe-SADC lukamalaleveva
UKUZIVIKELA OKUKHULU UKUGWEMA UKULUNYWA UMIYANE!
8ulwezi
ungazizibi izimpawuUMnyango WezeMpilo e-KZN unxuse imiphakathi ehlala ezindaweni ezinobungozi kakhulu ukuba izifundise ngezimpawu zikamalaleveva ukuze ikwazi ukuthola usizo lwezempilo ngokushesha. Abanye basakholelwa ekuthini umalaleveva ubangwa umoya omubi noma amagesi aphuma ezikhukhuleni, kepha lokho akulona iqiniso. Lesi sifo sibangwa ukulunywa umiyane wesifazane kanti izimpawu zivela emva kwamahora noma izinsuku. Uma usheshe usukuma ungakwazi ukugwema isimo esibi kakhulu esingaholela ekufeni.
uhlelo oluphumelelayo lokulawula umalaleveva INingizimu Afrika ikwaze ukuqeda umalaleveva ngoHlelo Lwayo Lokulawula Umalaleveva kanye nokubandakanya umphakathi. Labo abahlala ezindaweni ezinomswakama kumele baqaphele ukuthi awekho amanzi amile noma angcolile ngoba yizona ndawo okuzalela kakhulu kuzo omiyane. Gcina lolu lwazi uma kukhona omunye emndenini noma wena unolunye lwalezi zimpawu kumele uphuthume emtholampilo oseduzane.
Imfiva Ukuqhaqhazela Ubuhlungu emzimbeni nasemathanjeni Ikhanda elingapheli Ukuphalaza.
Uma umalaleveva utholakale kusenesikhathi uyakwazi ukwelapheka ngemithi etholakala kuzo zonke izikhungo zezempilo. Labo abavakashela emazweni anomalaleveva kumele baphuze amaphilisi okuvimba umalaleveva ngaphambi kohambo.
abasengozini enkulu Izingane ezingaphansi kweminyaka
emi-5 Abadala abaneminyaka engaphezu
kwama-65 Abesifazane abakhulelwe Abane-HIV/Aids Abagula kakhulu nabathola
ukwelashwa okuthile
Futha umzimba ngesifutho somiyane uma ungakwazi
Ungaphumeli phandle ebusuku
Vala yonke iminyango namawindi ebusuku noma usebenzise amanethi
Sebenzisa amanethi kanye nezishunqisi zomiyane (khuluma nabasemtholampilo)
Gqoka izimpahla ezinemikhono emide ebusuku.
uKuxOsHa OmIYaNE
KHumBuLa! abesifazane abakhulelwe
kanye nezingane yibona
abasengozini enkulu
yokuphathwa umalaleveva,
ngakho-ke qaphelisisa
ikakhulu uma uhlala
eNyakatho ye-KZN,
okubandakanya
iZululand.
Masigcine i-KZN iphilile
SIKHUNjUZWA NjALO UKUBA sivale imilomo yethu uma sikhwehlela, sihlanze izandla ngaphambi kokudla, sibilise amanzi okuphuza bese sihlala emakhaya uma sinomkhuhlane.
Yizo lezi izinto ezibukeka zilula kepha ezigcina imindeni nemiphakathi iphilile. Njengoba i-KZN inezinga eliphezulu lezifo kubalulekile ukuthi leli zinga lehliswe ngokuthi senze lezo
zinto ezincanyana emakhaya, ezikoleni, emisebenzini kanye nasemiphakathini. Kuqalwa ngokugwema. Xoxa nomndeni wakho ngezifo ezithelelanayo bese uwugqugquzela ukuba
uxoxele nabanye ukuze kuqwashiswe iningi. Yilapho singakwazi khona ukugwema izifo.
uma ufIsa uKuBIKa NGEsIfO EsITHaTHELWaNaYO xHumaNa NEsIKHuNGO sEZEmpILO
EsIsEDuZaNE NOma umNYaNGO WEZEmpILO E-KZN KuLE NOmBOLO ETHI: 033 395 2756/2572
UKUSABALA-LA KWEZIFO
EZITHELELWA-NAYO
Yimuphi umehluko phakathi kwezifo ezithelelwanayo kanye nezithathel-wanayo? iZifo eZithelelwanayo Zibangwa amagciwane amancane (ibhaktheriya noma amavayirasi) angena emzimbeni bese edala izinkinga. Lezi zifo zingatholakala emoyeni.
isifo esithathelwanayo sedlulela komunye umuntu ngokuthintana nomunye noma ukuqabula umuntu onaleso sifo. Enye indlela eyokuhamba kwegciwane emoyeni emva kokuthimula noma ukukhwehlela komunye umuntu. Kwesinye isikhathi kwenzeka uma umuntu ethinta noma esebenzisa obekusetshenziswa umuntu onaleso sifo – njengokumunca lapho bekumunca khona umuntu onomkhuhlane noma ugqoke isicathulo ebesigqokwe umuntu onenzenzane.
khumbula! Izifo zocansi kanye ne-HIV/AIDS azithelelani ngokuthinta noma ukusondeza umuntu eduze. Zedlula ngocansi uma kuphuma uketshezi lomuntu onesifo luya komunye. Ungazivikela ngokuhlala usebenzisa ikhondomu uma wenza ucansi!
Okushiwo umthetho ngezifo ezithelelwanayoNgokomthetho zonke izifo ezithelelanayo kumele zibikwe ngokushesha esikhungweni sezempilo esiseduzane bese zibhalwa kumafomu ayisipesheli kahulumeni ukuze zicwaningwe uMnyango Wezempilo. UMnyango Wezempilo unochwepheshe abaqeqeshelwe ukubhekana nezifo ezithelelwanayo bese benza imizamo yokuvimba ukusabalala kwazo. Lokhu kubandakanya:
Ukugqugquzelwa kwezempilo emphakathini nasezikoleni Ukuqapha isifo kanye nokuthola isisombululo kuleyo ndawo ehaqiwe Ukuhlolelwa mahhala i-TB ne-HIV emitholampilo kahulumeni Ukuhlinzekwa kokwelashelwa i-TB nokufundisa nge-STI kuyo yonke
imitholampilo Abasebenzi abaqeqeshelwe ukufundisa ngezempilo emiphakathini Ukuhlinzeka ngamanzi ahlanzekile Ukuqedwa kukamalaleveva ezindaweni ezithintekile.
I-TB Umalaleveva I-Yellow fever
Amarabi Izifo zocansi
Izifo ezande ngokuthelelana e-KZN
Bamba iqhaza ngokugwema izifo ezithelelanayo
Hlanza izandla zakho zikhathi zonke Vala umlomo uma uthimula noma
ukhwehlela Phekisisa ukudla kwakho Phuza amanzi ahlanzekile Thola ulwazi ngezifo ezithelelanayo
endaweni ozoya kuyo Yenza ucansi oluphephile
nomlingani oyedwa Gcina izilwane zakho ziphilile,
zihlanzekile futhi zigonyiwe
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
umtholampilo omusha ognini ozokwehlisa isibalo sokufa komama
ukusizwa kwezezinhliziyo esibhedlela igrays
KWeNYUsWe iziNga lokuhlinzekwa kwezempilo ngale nyanga OGwini ngokuvulwa koMtholampilo iBraemar. Ekhuluma kulo mcimbi u-MEC WezeMpilo e-KZN uDhlomo uthe lo mtholampilo uzokwehlisa isibalo somama nezingane ezifayo endaweni. “Sebenzisa lo mtholampilo ukugoma ingane yakho; ukuhlolela i-HIV ne-TB; uhlolelwe umdlavuza wesibeletho kanye nezinye izidingo zezempilo,” kubeka uDhlomo.
Lo mtholampilo uzophephisa impilo yabesifazane abakhulelwe kanye nezingane bese uqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Okuzokwenziwa kulo mtholampilo kubandakanya lokhu:
Unakekelo emva kokubeletha Ukubelethisa okuhlelelwe
nokuphuthumayo I-PMTCT Ezempilo zezingane Izifo eziyisimbelambela Ukulimala okuncane Unakekelo ezimweni
eziphuthumayo Ukuhlolelwa nokwelulekelwa i-HIV Izifo ezithathelwanayo Ama-ARV’s UDhlomo ubuye wanxusa ubuholi
bomdabu basendaweni kanye nomphakathi ukuba ubambe iqhaza ekugqugquzeleni ezempilo esifundeni ikakhulukazi kulezi zinto ezibucayi:
KWeThUlWe UmshiNi omusha wokuhlola nokwelapha izifo zenhl-iziyo esiBhedlela iGreys, eMgun-gundlovu. Lo mshini uzosebenza kusukela ngoMsombuluko kuya koLwesihlanu kanti uhlose ukwehlisa isibalo sokuhlinzwa kwezinhliziyo ngokuthi abantu basheshe bahlolwe kusenesikhathi. U-MEC Wezempilo e-KZN uDkt. Dhlomo unxuse abantu ukuba banakekele impilo yabo ukuze kugwemeke izifo. Lo mshini ungow-esibili esiFundazweni ngokulandela osesiBhedlela i-iNkosi Albert Luthuli osebenza zikhathi zonke.
ukuklOnyeliSwa kweMiSeBenzi eMihle
Ukubhukha kusenesikhathi Abesifazane kumele basheshe baye emtho-
lampilo uma beqiwe yinyanga noma besola ukuthi bakhulelwe. Le nkoleloze yokuthi umuntu kumele alinde kuze kubonakale isisu angeke isize ngalutho – kunalokho ibeka omama abasebancane engozini.
Ukuhlela umndeni Miningi imizamo yokugqugquzela ukuba
kusetshenziswe amakhondomu noma kuhlelwe umndeni (ngamaphilisi, umjovo noma ukuvala amashubhu, njll.)
Izindawo zomama zokulindela Labo mama abahlala ezindaweni ezikude
ezingenazo izinto zokuhamba basondelele ngasesibhedlela kusasele isinto ngaphambi kokubeletha.
Kubhekwane nezinto ezilimaza umphakathi
Kwakhiwe amakomidi ezigceme nawemigwaqo ukuze kubhekwane nenkinga yotshwala nezidakamizwa. Kugqugquzelwe impilo enhle kubantu abasha ngokuba badlale imidlalo, ama-aerobics bese bezivocavoca. Inhloso eyokwenza intsha ingacabangi utshwala nezidakamizwa ngoba kukhona abakwenzayo.
UmNYaNgo Wezempilo e-KzN wethule imiklomelo Yaminyaka Yonke Yokusebenza Ngokuzikhandla ezobuyisela kulabo basebenzi abenze umsebenzi obabazekayo. ekhuluma ku- provincial Consultative Forum u-meC uDhlomo uthe zisheshe zaziwe izindaba ezingezinhle kwezempilo kepha lokho okuhle okwenzekayo akugqanyiswa. le miklomelo izogqamisa lobo buhle.
Izokwenziwa kanjani imiklomeloZisaqhutshwa izingxoxo zokuthi kuzoklonyeliswa kanjani, kuchaza uDhlomo, kepha kuzoba neKomidi Lemiklomelo elizocubungula konke libheka le mikhakha: OYEDWa – njengoMhlengikazi Ovelele, uDokotela Ovelele,
uMqondisi Wezimali Ovelele, njll. IQEmBu – uphiko oluthile/ ifasilithi/indawo, njll. umsEBENZI OmuHLE – ushintsho, izenzo eziholela ezingeni
eliphezulu lezempilo, njll.
Imihlomulo UMnyango ucabanga lezi zinhlobo ezilandelayo zemihlomulo ukuba zinikwe labo abavelele: Ibhonasi Umfundaze wokufundela umkhakha othile Uhambo lokuyothuthukisa ulwazi phesheya kwezilwandle Izinkomishi/izindondo Izitifiketi nezipho
UDhlomo wamukele ukwethulwa kwemiklomelo wathi izohamba ibanga elide ekutshaleni ukuzikhandla nokuziqhenya kwabasebenzi ngomsebenzi wabo. “Le miklomelo izokhuphula ukuhlinzekwa kwezidingo, ukweneliseka kweziguli, kwehle izindaba ezimbi ngezempilo, izigameko ezimbi bese kuba nomphumela omuhle kwezempilo. Isiqubulo semiklomelo yokuqala esiphakanyisiwe singathi “Ukugqugquzela Uthando Lokusebenza Ngokuzikhandla,” sekuchaza uDhlomo.
NSUKU ZONKE ABESIFAZANE bahlukunyezwa baze babulawe omaqondana babo. Ukuhlukunyezwa kwabesifazane sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba emiphakathini yethu. Ngenxa yezinkoleloze ngamasiko iningi labesifazane liyesaba ukuphumela obala kanye nokubika ngokuhlukunyezwa kwalo – yingakho kungapheli nje. Njengoba kuqala izinsuku eziyi-16, uMnyango wezeMpilo e-KZN ugqugquzela yonke imiphakathi ukuba iphumele obala ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Kumele lizwakale izwi lethu. Izigidi zabesifazane eNingizimu Afrika zihlukunyezwa mihla namalanga, okubandakanya:
Okomzimba – ukushaywa, ukubhakelwa, ukukhahlelwa
Ngokomphefumulo/ngomlomo – ukwenza owesifazane azenyeze kanye nokuqeda ukuzethemba
Ngokocansi – ukudlwengulwa, ukushaywa
Ngokomnotho – ukugodla imali yokondla umndeni
Ukulimaza impahla lapho owesilisa elimaza impahla yowesifazane okungukuhlukumeza.
sinGaKuQeDa KanJani uMa sinGaKhuluMi
nGaKho?
ukuthola isibindi sokuhambaAkekho umuntu ofanelwe ukudlwengulwa nokushaywa, KUMNYAMA KUBOMVU. Kujwayelekile ukwesaba ikakhulu kwabesifazane abahlukunyezwayo ngoba baba nokuzenyeza uma behleli nomhlukumezi. Ungakwazi ukuphuma ebudlelwaneni obuhlukumezayo. Kudinga isibindi, amandla, ithemba kanye nokwelekelelwa. Yiya ezinhlanganweni ezingakusiza ngalesi sikhathi esinzima – xoxela umngani, isihlobo noma umeluleki wasebandleni, noma ubani ongamethemba. Khuluma nabasemtholampilo oseduzane ukuze bakwedlulisele enhlanganweni engakusiza. Baningi abantu abaqeqeshelwe ukukusiza – vuma bakusize.
Kungani abesifazane behlala nomaqondana ababahlukumezayoUma sitshelwa ngowesifazane ohlukunyezwayo, umbuzo wokuqala ofikayo ngothi “uhlaleleni?” Kuhle uzilalele izizathu zokuhlala kwakhe ukuze ukwazi ukumsiza ukuba aphume ebudlelwaneni obunokuhlukumeza. Iningi labesifazane abahlukunyezwayo libeka lezi zizathu ezilandelayo ezibenza bahlale:
uKwesaba noKusatshiswa Umhlukumezi umesabisa ngokubulala yena, umama wakhe noma izingane uma emshiya. Owesifazane ube esebona kumele ahlale ukuze avikele wonke umuntu.
iMali enGeKho, inDawo enGeKho Lesi yisizathu esikhulu ikakhulu uma kuyindoda kuphela esebenzayo. Owesifazane uye abone ukuthi uma ehamba akekho ozobondla benezingane.
ihlazo nezinKolelo Iningi labesifazane abahlukunyezwayo liye libone ukuthi lihlukunyezwa ngenxa yamaphutha alo, okwenza kumele lihlale nabayeni balo noma sekunjani.
ongathola kUbo Usizo Abused Women
Support Group........031 260 2527Lifeline ....................................0800 150 150Childline ..................................08000 55555Police No: ........................................................10111
uhlelo OluphephileUkushiya umaqondana ohlukumezayo kudinga ukuhlelelwa ngoba kumele ube namandla enele okubhekana nekusasa ngaphandle kwakhe. Lokhu okulandelayo kungakusiza:
xhumana nesiteshi samaphoyisa esiseduzane noma umtholampilo Bazokwedlulisela kusonhlalakahle, inhlangano noma indawo ephephile eseduzane lapho kusizwa khona abesifazane abahlukunyezwayo. Bangakusiza ngokuba uthole incwadi yenkantolo ekuvikelayo.
Le ncwadi ivimba umhlukumezi ukuba angakuhlukumezi noma angezi ekhaya noma lapho usebenza khona. Uma ehluleka ukwenza lokho, uyoboshwa. Le ncwadi inikeza amaphoyisa imvume yokwephuca umhlukumezi izibhamu kanye nezikhali eziyingozi.KulunGele Gcina imali nezimpahla endaweni engaziwa umaqondana wakho. cabanGisisa Ungakhulelwa uma uhlukunyezwa ngoba kungaba nzima kakhulu ukuhamba. thatha izinyathelo Thola umsebenzi noma uzuze amakhono ayokusiza uma usuphumile.Gcina aMaKhophi ezinto ezibalulekile zakho nezezingane zakho.
amalungelo akho omthethoUkuhlukunyezwa ekhaya kungaphansi koMthetho Wokuhlukunyezwa Ekhaya uMthetho ka-1998, ungafaka isicelo seNcwadi Yokukuvikela eNkantolo yeMantshi noma eNkantolo eNkulu lapho uhlala khona noma ngalapho kusebenza noma kuhlala khona umhlukumezi.
Kungadingeka i-ID yakho kanye nemibiko yezempilo noma imibiko yofakazi.
Inkantolo iyokuchazela ngamalungelo akho bese ikusiza ekugcwaliseni ifomu. Isicelo sakho sisiwa eMantshini eyokhipha isaziso esiya kumhlukumezi imazisa ngencwadi ekuvikelayo kanye nosuku okumele avele ngalo enkantolo.
Le ncwadi isebenza kuze kushaye isikhathi lapho ishintshwa noma yesulwa umhlukunyezwa noma yesulwe iNkantolo Yokwedlulisa.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
ULwezi 25
Singasiza
uSuku lOMhlaBa Jikelele lOkuqeda ukuhlukunyezwa
kwaBeSiFazane
UKUHLUKU-NYEZWA
qeda
PHUMELA OBALA
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
yenza ushintsho.ungavumeli ukuhlukunyezwa
kwabesifazane nezingane
® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW
Ukuncelisa ingane kuyisona siqalo esingugo umama angasinikeza ingane yakhe. Lokhu kusho ukuthi omama bangahlangabezana ngisho nobuhlungu ngoba kwesinye isikhathi ukuncelisa ibele kungaholela ku-mastisis eyenzeka uma ibele liba nokugula ngesikhathi uncelisa. Funda kabanzi ngalokhu kule miyalelo yethu engezansi ukuze wena nengane yakho nizuze lukhulu ngokunceliswa kwebele.
iyini i-mastitis?I-mastitis iqala uma ubisi luvimbeka emithanjeni yengono ngesikhathi uncelisa. Yisimo esijwayele ukuhlupha omama abasebasha ezinyangeni ezintathu zokuqala bencelisa esingenza amabele abe buhlungu kakhulu uma uncelisa. Kumele uthole ukwelapheka ngokushesha uma amabele akho eqina ngesikhathi usancelisa kungaze kube namathumba, okumele ukwenze uku:
1 Qhubeka nokuncelisa, uqale ngalelo bele eliqinile – akukho bungozi enganeni ngoba amagciwane asobisini ayafa uma ubisi selugayeka enganeni.
2 Beka umlomo wengane endaweni ebomvana. Lokhu kumunca umthambo ovalekile.
3 Hlikihla ingono ngesikhathi uncelisa.
4 Khama lonke ubisi olusale emabeleni uma ingane isisuthi (cela usizo lokwenza lokhu)
• Isimila noma ukuqina ebeleni okulandelwa yibele elinobuthi eliba bomvu lishise
• Imfiva
• Ukukhathala nobuntekenteke
• Ubuhlungu bemisipha • Izimpawu zomkhuhlane• Ukuba nezinyembezi.
• Ama-antibiotics ashiwo ngudokotela. Uma uwasebenzisa kumele wazi ukuthi kungahle kuphume amaqhubu ezingonweni. Lezi zimpawu zifana nokuhlatshwa yizinalithi ikakhulu ngesikhathi nangemuva kokuncelisa. Xhumana nomtholampilo uma kwenzeka lokhu.
• Ungasebenzisa amaphilisi ezinhlungu okuyi-paracetamol kanye ne-ibuprofen.
• Shisisa ibele ngendwangu eshisayo
ngaphambi kokuncelisa. Qala uncelise ingane ebeleni elibuhlungu bese ubeka umlomo wayo kuleyo ndawo ebuhlungu.
• Uma uqeda ukuncelisa, yehlisa ukushisa ebeleni ngokubeka iqhwa elisongwe ngendwangu.
• Khama lonke ubisi olusebeleni uma uqeda ukuncelisa.
• Phuza iziphuzo kakhulu (hhayi utshwala) bese UPHUMULA, UPHUMULA, UPHUMULA!
Uma usukwenze konke lokhu okungenhla kepha ube nalezi zimpawu ezilandelayo, vakashela umtholampilo ngokushesha ukuze uthole ukwelashwa.
Ukwelashwa kwe-mastitis kubandakanya:
Gcina isikhumba sengane yakho sithambile futhi somile njengoba kuyinhloso kamama wemvelo.
Themba ama Huggies mama ukugcina ingane
yakho ithokomele, ijabule futhi yomile.
Uhlelo lokuvikela nokugcina ukoma enganeni luletha ukoma okuyisikhathi
esingamahora ayisi-9 bese kuthi ukwembozeka ngokusakotini
kuvumele isikhumba sengane ukuba sikwazi ukuphefumula, lokho kunikeze
nomama isikhathi sokuphefumula.
BABYCORNER
ulwezi
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
inyanga yeRiBhini eliBOMvuOkuyiyona minyaka eyisilinganisonani lokudla izidakamizwa lapha eNingizimu
Afrika, iminyaka eyi-12. Lesi yisililo sokucelela intsha yethu usizo, ngakho
inyanga yeRibhini Elibomvu iyindlela yokuhlanganisa abantu ekulweni
nezidakamizwa. Sebenzisa le nyanga ekufinyeleleni kulabo abadinga usizo
lokuqeda ukuhalela izidakamizwa, ikakhulukazi intsha. Idinga ithemba kanye
nosizo ukuze ikwazi ukuyeka izidakamizwa – kukuyo ukuthatha lelo gxathu
kepha nathi kumele siyisize.
inyanga yekhwaliThiNjengoba unakekelo olusezingeni luseqhulwini ngale nyanga, u-MEC
wezeMpilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo uhlala egqugquzela
ukuthi izikhungo zezempilo zenyuse amazinga okunakekela kanye
nenhlanzeko kanti uyazivakashela nezibhedlela esifundazweni
eyobheka ukuthi ngabe ziyalithuthukisa yini izinga njengengxenye
yomkhankaso wakhe othi ‘ngenze ngibukeke njengesibhedlela’. Le
nyanga igqugquzela lokho.
inyanga kazwelonke yezingane Usuku lwezingane lugujwa
emhlabeni jikelele ukuhlonipha izingane kanye namalungelo
azo. Okukhathaza kakhulu uMnyango WezeMpilo ukwenyuka
kwezinga lokuhlukunyezwa kwezingane. Lolu suku
olokugcizelela ubumbano lwethu ekulweni nokuhlukunyezwa
kwezingane. Gqugquzela izingane ukuba ziphumele obala uma
zihlukunyezwa bese umphakathi ulwa nalokhu.
usuku lwe-Sadc lukamalaleveva
Umalaleveva uyisifo esidalwa ukulunywa
umiyane. NgokweNhlangano YezeMpilo
Emhlabeni, abantu ababalelwa ema-63% e-Afrika
eseNingizimu bahlala ezindaweni ezinobungozi
bukamalaleveva, ohaqe kakhulu abesifazane abakhulelwe
nezingane ezineminyaka engaphansi kwemi-5. Leli sonto
ligxile emizamweni yokwehlisa izinga lokubulawa kwezingane
umalaleveva ngokuthathu kokubili kuze kube ngowezi-2015.
usuku lomhlaba jikelele
lwesifo sikashukela Kubhekeke ukuthi senyuke ngokuphindwe kathathu isibalo
sabanesifo sikashukela eNingizimu Afrika. Bayizigidi ezi-4 abantu
njengamanje abanesifo sikashukela. Yisikhathi sokubona izimpawu
bese ulungisa impilo yakho ngoba isifo sikashukela siyagwemeka.
Zifundise ngaso ngoba aselapheki kepha siyalawuleka. Ungaqala
khona manje ngokuzikhethela wena!
usuku lomhlaba jikelele
lokuqeda udlameNakuba sinentando yeningi kepha okuyiyona nselelo
okusabhekenwe nayo eyokuhlukunyezwa kwabesifazane
nezingane ezandleni zabantu ababathembayo. Ake ube ushintsho
ofisa ukulubona ngalo nyaka. Phumela obala ngokungafuni
ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane bese ugqugquzela
nabesilisa obaziyo ukuba benze okufanayo. Singalwenza
ushintsho ngokuphumela obala.
2ulwezi 8
ulwezi
14ulwezi
25ulwezi
isonto likazwelonke lokuphe-fumulisa oqulekile (CPR)Ungakwazi okumele ukwenze uma ubona umuntu equleka futhi ephelelwa umoya? I-CPR iwuhlelo oluphephisa impilo, ngakho leli sonto elokuqwashisa ngokukwazi ukwenza i-CPR ephephisa impilo. Thinta abezempilo ukuze bakwedlulisele lapho ungathola khona uqeqesho lwe-CPR. Ungaphephisa impilo yothile.
4-10ulwezi